Ngokukajohane 11:11-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.”

12. Abafundi bakhe base bethi kuye: “Nkosi, uma elele, uyakusinda.”

13. Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo.

14. Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile;

15. ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.”

Ngokukajohane 11