Ngokukajohane 10:34-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. UJesu wabaphendula wathi: “Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi: ‘Ngithe: Ningonkulunkulu,’ na?

35. Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu -- nombhalo ungeqiwe --

36. nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu,’ na?

37. Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi.

38. Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba.”

39. Base befuna futhi ukumbamba, kepha waphunyuka esandleni sabo.

Ngokukajohane 10