Ngokukajohane 10:33-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Bamphendula abaJuda, bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.”

34. UJesu wabaphendula wathi: “Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi: ‘Ngithe: Ningonkulunkulu,’ na?

35. Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu -- nombhalo ungeqiwe --

36. nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu,’ na?

37. Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi.

38. Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba.”

39. Base befuna futhi ukumbamba, kepha waphunyuka esandleni sabo.

40. Waphinda wamuka, waya phesheya kweJordani kuleyo ndawo lapho uJohane waqala ukubhapathiza khona, wahlala lapho.

41. Nabaningi beza kuye, bathi: “UJohane nempela akenzanga sibonakaliso nasinye, kepha konke uJohane akusho ngalowo muntu kwakuqinisile.”

42. Abaningi bakholwa nguye lapho.

Ngokukajohane 10