23. UJesu wayehamba ethempelini emphemeni kaSolomoni.
24. Base bemhaqa abaJuda bethi kuye: “Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.”
25. UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.
26. Kodwa nina anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami.
27. Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela;
28. ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami.
29. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.
30. Mina noBaba simunye.”
31. AbaJuda base bebuye bethatha amatshe ukuba bamkhande.
32. UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”
33. Bamphendula abaJuda, bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.”
34. UJesu wabaphendula wathi: “Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi: ‘Ngithe: Ningonkulunkulu,’ na?
35. Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu -- nombhalo ungeqiwe --
36. nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu,’ na?