Ngokukajohane 10:21-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Abanye bathi: “Lawo mazwi akusiwo awomuntu onedemoni; imbala idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na?”

22. Khona kwakungumkhosi wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika.

23. UJesu wayehamba ethempelini emphemeni kaSolomoni.

24. Base bemhaqa abaJuda bethi kuye: “Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.”

25. UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.

26. Kodwa nina anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami.

27. Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela;

28. ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami.

29. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.

30. Mina noBaba simunye.”

31. AbaJuda base bebuye bethatha amatshe ukuba bamkhande.

32. UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”

33. Bamphendula abaJuda, bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.”

34. UJesu wabaphendula wathi: “Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi: ‘Ngithe: Ningonkulunkulu,’ na?

35. Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu -- nombhalo ungeqiwe --

36. nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu,’ na?

37. Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi.

38. Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba.”

Ngokukajohane 10