Ngokukajohane 10:19-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Kwaba khona futhi ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawo mazwi.

20. Abaningi kubo bathi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlalelelani na?”

21. Abanye bathi: “Lawo mazwi akusiwo awomuntu onedemoni; imbala idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na?”

22. Khona kwakungumkhosi wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika.

23. UJesu wayehamba ethempelini emphemeni kaSolomoni.

Ngokukajohane 10