Ngokukajohane 10:16-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.

17. Ngalokho uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthabathe.

18. Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba.”

19. Kwaba khona futhi ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawo mazwi.

20. Abaningi kubo bathi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlalelelani na?”

21. Abanye bathi: “Lawo mazwi akusiwo awomuntu onedemoni; imbala idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na?”

22. Khona kwakungumkhosi wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika.

Ngokukajohane 10