15. njengalokhu uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.
16. Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.
17. Ngalokho uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthabathe.
18. Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba.”
19. Kwaba khona futhi ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawo mazwi.
20. Abaningi kubo bathi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlalelelani na?”
21. Abanye bathi: “Lawo mazwi akusiwo awomuntu onedemoni; imbala idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na?”
22. Khona kwakungumkhosi wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika.
23. UJesu wayehamba ethempelini emphemeni kaSolomoni.
24. Base bemhaqa abaJuda bethi kuye: “Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.”
25. UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.
26. Kodwa nina anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami.
27. Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela;
28. ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami.
29. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.