11. “Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.
12. Okhokhelwayo engesiye umalusi, izimvu zingesizo ezakhe, ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke -- impisi izibhozomele, izihlakaze --
13. ngokuba engokhokhelwayo, engazinakekeli izimvu.
14. “Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,
15. njengalokhu uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.
16. Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.
17. Ngalokho uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthabathe.
18. Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba.”
19. Kwaba khona futhi ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawo mazwi.
20. Abaningi kubo bathi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlalelelani na?”
21. Abanye bathi: “Lawo mazwi akusiwo awomuntu onedemoni; imbala idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na?”