Ngokukajohane 10:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indawo, lowo uyisela nomphangi.

2. Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu.

3. Umlindisango uyamvulela lowo; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle.

4. Nxa esezikhiphile ezakhe zonke, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba zilazi izwi lakhe.

5. Kepha umfokazi azisoze zamlandela, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba zingalazi izwi labafokazi.”

6. UJesu washo lo mfanekiso kubo; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokho akukhuluma kubo.

7. Ngakho-ke uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.

Ngokukajohane 10