Ngokukajohane 10:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indawo, lowo uyisela nomphangi.

2. Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu.

3. Umlindisango uyamvulela lowo; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle.

4. Nxa esezikhiphile ezakhe zonke, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba zilazi izwi lakhe.

Ngokukajohane 10