Ngokukajohane 1:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.

6. Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane.

7. Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.

8. Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengozofakaza ngokukhanya.

9. Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.

10. Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga.

11. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga.

Ngokukajohane 1