Ngokukajohane 1:33-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.’

34. Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi: Lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”

35. Ngangomuso futhi wayemi uJohane nababili kubafundi bakhe.

36. Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.”

37. Abafundi ababili bezwa ekhuluma, bamlandela uJesu.

38. Khona uJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: “Nifunani na?”Bathi kuye: “Rabi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: Mfundisi, “uhlalaphi na?”

39. Wathi kubo: “Wozani nibone.” Ngakho-ke beza babona lapho ehlala khona; bahlala naye ngalolo suku; kwakungaba yihora leshumi.

40. Omunye walabo ababili abamuzwa uJohane balandela uJesu wayengu-Andreya umfowabo kaSimoni Petru;

Ngokukajohane 1