Ngokukajohane 1:24-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Labo ababethunyiwe babevela kubaFarisi.

25. Bambuza-ke, bathi kuye: “Pho, ubhapathizelani, uma ungesiye uKristu, no-Eliya, nomProfethi, na?”

26. UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi; umi phakathi kwenu eningamaziyo:

27. yena ozayo emva kwami, omchilo wesicathulo sakhe ngingafanele ukuwuthukulula.”

28. Lokho kwenzeka eBethabara ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane wayebhapathiza khona.

29. Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.

30. Nguye ebengisho ngaye, ngithi: ‘Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’

31. Nami bengingamazi; kodwa ukuze abonakaliswe ku-Israyeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi.”

32. UJohane wafakaza wathi: “Ngibonile uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe.

33. Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.’

34. Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi: Lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”

35. Ngangomuso futhi wayemi uJohane nababili kubafundi bakhe.

36. Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.”

37. Abafundi ababili bezwa ekhuluma, bamlandela uJesu.

38. Khona uJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: “Nifunani na?”Bathi kuye: “Rabi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: Mfundisi, “uhlalaphi na?”

39. Wathi kubo: “Wozani nibone.” Ngakho-ke beza babona lapho ehlala khona; bahlala naye ngalolo suku; kwakungaba yihora leshumi.

Ngokukajohane 1