Ngokukajohane 1:22-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Base bethi kuye: “Ungubani na? ukuze sibaphendule abasithumileyo; uzisho ukuthi ungubani na?”

23. Wathi: “Ngiyizwi lomemeza ehlane, ethi: ‘Lungisani indlela yeNkosi,’ ” njengalokho washo u-Isaya umprofethi.

24. Labo ababethunyiwe babevela kubaFarisi.

25. Bambuza-ke, bathi kuye: “Pho, ubhapathizelani, uma ungesiye uKristu, no-Eliya, nomProfethi, na?”

26. UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi; umi phakathi kwenu eningamaziyo:

27. yena ozayo emva kwami, omchilo wesicathulo sakhe ngingafanele ukuwuthukulula.”

Ngokukajohane 1