Ngokukajohane 1:2-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.

3. Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.

4. Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu;

5. ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.

6. Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane.

7. Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.

8. Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengozofakaza ngokukhanya.

Ngokukajohane 1