Ngokukajohane 1:18-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.

19. Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?”

20. Wavuma, kaphikanga, wavuma wathi: “Angisiye uKristu mina.”

Ngokukajohane 1