Ngokukajohane 1:17-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.

18. Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.

19. Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?”

20. Wavuma, kaphikanga, wavuma wathi: “Angisiye uKristu mina.”

21. Bambuza bathi: “Uyini pho? Ungu-Eliya na?”Wathi: “Angisiye.”“UngumProfethi na?”Waphendula wathi: “Qha.”

22. Base bethi kuye: “Ungubani na? ukuze sibaphendule abasithumileyo; uzisho ukuthi ungubani na?”

23. Wathi: “Ngiyizwi lomemeza ehlane, ethi: ‘Lungisani indlela yeNkosi,’ ” njengalokho washo u-Isaya umprofethi.

24. Labo ababethunyiwe babevela kubaFarisi.

25. Bambuza-ke, bathi kuye: “Pho, ubhapathizelani, uma ungesiye uKristu, no-Eliya, nomProfethi, na?”

26. UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi; umi phakathi kwenu eningamaziyo:

27. yena ozayo emva kwami, omchilo wesicathulo sakhe ngingafanele ukuwuthukulula.”

28. Lokho kwenzeka eBethabara ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane wayebhapathiza khona.

29. Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.

Ngokukajohane 1