Ngokukajohane 1:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.

2. Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.

3. Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.

4. Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu;

5. ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.

6. Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane.

Ngokukajohane 1