Kwabaseroma 9:31-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. kepha u-Israyeli, elandela umthetho wokulunga, kafinyelelanga emthethweni.

32. Ngani na? Ngokuba akubanga ngokukholwa kodwa kungathi ngemisebenzi; baqhuzuka etsheni lokuqhuzula,

33. njengalokho kulotshiwe ukuthi:“Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lokukhubekisa,nedwala lokuwisa,nokholwa yilo akayikujabha.”

Kwabaseroma 9