20. O, wena muntu! Ungubani-ke wena ophikisana noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”
21. Nokuba akanamandla yini umbumbi ebumbeni ukwenza ngesigaxa sisinye isitsha esinye esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na?
22. Uma, pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa
23. ukuba abonakalise ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa ayezilungisele inkazimulo ngaphambili,
24. thina asibizayo nathi, kungesikho kubaJuda kuphela kodwa nakwabezizwe?
25. Njengalokhu esho nakuHoseya ukuthi:“Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami ngokuthi isizwe sami,nongathandiwe ngokuthi uthandiwe;
26. nasendaweni lapha kwathiwa kubo:‘Anisibo abantu bami,’lapho bayakubizwa ngokuthi:‘Abantwana bakaNkulunkulu ophilayo.’ ”
27. U-Isaya umemeza ngo-Israyeli, uthi:“Nokuba umumo wabantwana bakwa-Israyeliungangesihlabathi solwandle,yinsali eyakusindiswa,
28. ngokuba iNkosi iyakufezaizwi layo emhlabeni,iliphelelise, ikhawuleze,”
29. njengalokho washo u-Isaya ngaphambili ukuthi:“Uma iNkosi Sebawoti ibingasishiyelangainzalo besiyakuba njengeSodoma,sifane neGomora.”
30. Ngakho siyakuthini na? Ukuthi abezizwe abangafunisisanga ukulunga batholile ukulunga, ukulunga kambe okungokukholwa;
31. kepha u-Israyeli, elandela umthetho wokulunga, kafinyelelanga emthethweni.
32. Ngani na? Ngokuba akubanga ngokukholwa kodwa kungathi ngemisebenzi; baqhuzuka etsheni lokuqhuzula,
33. njengalokho kulotshiwe ukuthi:“Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lokukhubekisa,nedwala lokuwisa,nokholwa yilo akayikujabha.”