1. Ngikhuluma iqiniso ngikuKristu, angiqambi amanga, unembeza wami ufakazelana nami eMoyeni oNgcwele
2. ukuthi nginokudabuka okukhulu nobuhlungu obungapheliyo enhliziyweni yami.
3. Ngokuba ngingafisa ukuba mina uqobo ngibe ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokwenyama;
4. bona bangabakwa-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo, nezivumelwano, nokumiswa komthetho, nenkonzo, nezithembiso,
5. abangababo okhokho avela kubo uKristu ngokwenyama, yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.
6. Akusikho okungathi izwi likaNkulunkulu liphuthile. Ngokuba asibo bonke abavela ku-Israyeli abangabakwa-Israyeli;
7. nakuba beyinzalo ka-Abrahama, bonke abasibo abantwana, kodwa kuthiwa: “Ngo-Isaka iyakubizwa inzalo yakho.”
8. Lokhu kungukuthi akusibo abantwana benyama abangabantwana bakaNkulunkulu labo, kodwa abantwana besithembiso bathiwa inzalo.
9. Ngokuba lingelesithembiso leli zwi lokuthi: “Ngalesi sikhathi ngizakufika; khona uSara uzakuba nendodana.”
10. Akuyilokhu kuphela, kodwa kwaba njalo nakuRebeka ekhulelisiwe ngoyedwa, u-Isaka, ukhokho wethu;
11. ngokuba bengakazalwa, bengakenzi okuhle nokubi, ukuze icebo likaNkulunkulu eliya ngokukhetha lime,
12. kungabi ngemisebenzi, kodwa kube ngaye obizayo, kwashiwo kuye ukuthi:“Omkhulu uyakukhonza omncane,”
13. njengalokho kulotshiwe ukuthi:“UJakobe ngamthanda,kepha u-Esawu ngamzonda.”
14. Ngakho siyakuthini na? Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye.
15. Ngokuba kuMose uthi:“Ngizakumhawukela engimhawukelayo,ngimzwele engimzwelayo.”
16. Ngakho-ke akuyi ngentando nangokuzikhathaza komuntu, kodwa kuya ngokuhawukela kukaNkulunkulu.
17. Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakuphakhamisela khona lokhu ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe nokuba igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.”
18. Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.