8. kepha isono sathola ithuba ngomyalo, sasebenza kimi ukufisa konke; ngokuba ngaphandle komthetho isono sifile.
9. Mina-ke ngake ngahamba ngaphandle komthetho; kepha kwathi ukuba kufike umyalo, savuka isono,
10. ngafa mina; umyalo obungowokuphila wona wafunyanwa ungowokufa kimi,
11. ngokuba isono, sithola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, sangibulala ngawo.
12. Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle.
13. Pho, okuhle kwaba ngukufa kimi na? Qha nakanye; kepha isono, ukuba sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngakho okuhle, ukuze isono ngawo umyalo sibe ngesonayo kakhulu.
14. Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya; kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono.