Kwabaseroma 7:6-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. kepha kalokhu sikhululiwe emthethweni, sifile maqondana nalokho esasibanjwa yikho ukuba sikhonze emoyeni omusha, kungesegameni elidala.

7. Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi;”

8. kepha isono sathola ithuba ngomyalo, sasebenza kimi ukufisa konke; ngokuba ngaphandle komthetho isono sifile.

9. Mina-ke ngake ngahamba ngaphandle komthetho; kepha kwathi ukuba kufike umyalo, savuka isono,

10. ngafa mina; umyalo obungowokuphila wona wafunyanwa ungowokufa kimi,

11. ngokuba isono, sithola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, sangibulala ngawo.

12. Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle.

13. Pho, okuhle kwaba ngukufa kimi na? Qha nakanye; kepha isono, ukuba sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngakho okuhle, ukuze isono ngawo umyalo sibe ngesonayo kakhulu.

14. Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya; kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono.

15. Ngokuba engikwenzayo angikuqondi; ngokuba engikwenzayo akusikho lokho engikuthandayo; kodwa lokho engikuzondayo, yikho engikwenzayo.

16. Kepha uma ngenza lokho engingakuthandiyo, ngiyawuvumela umthetho ukuthi muhle.

17. Kodwa kalokhu akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi.

Kwabaseroma 7