Kwabaseroma 6:11-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu.

12. Ngakho makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, nize nilalele izinkanuko zawo;

13. futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga,

14. ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.

Kwabaseroma 6