1. Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na?
2. Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?
3. Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na?
4. Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.
5. Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka,
6. sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,
7. ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni.
8. Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye,