9. Kunjani kanti? Siyabadlula na? Qha nakanye, ngokuba bese sibamangalele abaJuda namaGreki ngokuthi bonke baphansi kwesono,
10. njengokuba kulotshiwe ukuthi:“Akakho olungileyo,akakho noyedwa;
11. akakho oqondayo,akakho ofuna uNkulunkulu;
12. bonke baphambukile,baphenduke imbuqa bonkana;akakho owenza okuhle,akakho noyedwa.
13. Umphimbo wabo uyiliba elivulekileyo,ngezilimi zabo bayakhohlisa,isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo;
14. umlomo wabo ugcwele ukuthuka nokubaba;
15. izinyawo zabo zishesha ukuchitha igazi,
16. incithakalo nosizi kusezindleleni zabo,
17. indlela yokuthula abayazi.