Kwabaseroma 3:20-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.

21. Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi,

22. ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko;

23. ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;

24. balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu,

25. ammisileyo uNkulunkulu abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili

26. ekubekezeleni kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.

27. Ngakho kuphi ukuzibonga na? Kuvalelwe phandle. Ngamthetho muni na? Ngowemisebenzi na? Qhabo, kodwa ngomthetho wokukholwa.

28. Ngakho-ke sithi umuntu ulungisiswa ngokukholwa ngaphandle kwemisebenzi yomthetho.

29. Kumbe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Kasiye nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe,

30. uma impela uNkulunkulu emunye oyakulungisisa abasokileyo ngokukholwa nabangasokile ngokukholwa.

31. Ngakho-ke umthetho siwenza ize ngenxa yokukholwa na? Qha nakanye, kodwa siyawuqinisa umthetho.

Kwabaseroma 3