9. Usizi nokubandezeka kuyakwehlela imiphefumulo yabantu bonke abenza okubi, umJuda kuqala, nomGreki futhi;
10. kepha inkazimulo nodumo nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.
11. Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu.
12. Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho;
13. ngokuba akusibo abezwayo umthetho abangabalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenzayo umthetho yibona abayakulungisiswa.
14. Ngokuba nxa abezizwe abangenawo umthetho ngokwemvelo benza okomthetho, laba, bengenawo umthetho, bangumthetho wabo ngokwabo,
15. babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye, imicabango yabo imangalelana noma ivunana,
16. ngosuku uNkulunkulu ayakwahlulela ngalo okufihliweyo kwabantu ngokwevangeli lami ngoKristu Jesu.
17. Kepha uma uthiwa ungumJuda, wethemba umthetho, uzibonga ngoNkulunkulu,
18. wazi intando yakhe, ukhetha okungcono, ungofundisiwe emithethweni,
19. uzethembile wena ukuthi ungumholi wezimpumputhe, ungukukhanya kwabasebumnyameni,
20. umyali weziwula nomfundisi wezingane, unakho ukuma kokwazi nokweqiniso emthethweni,