Kwabaseroma 2:23-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Wena ozibonga ngomthetho, udumaza uNkulunkulu ngokweqa umthetho na?

24. Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengalokho kulotshiwe.

25. Ngokuba ukusoka kuyasiza kambe, uma ugcina umthetho; kepha uma ungumeqi womthetho, ukusoka kwakho kuphenduka ukungasoki.

26. Ngakho-ke uma ongasokile egcina izimiso zomthetho, ukungasoki kwakhe akuyikubalwa ukuthi kungukusoka na?

Kwabaseroma 2