23. Wena ozibonga ngomthetho, udumaza uNkulunkulu ngokweqa umthetho na?
24. Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengalokho kulotshiwe.
25. Ngokuba ukusoka kuyasiza kambe, uma ugcina umthetho; kepha uma ungumeqi womthetho, ukusoka kwakho kuphenduka ukungasoki.
26. Ngakho-ke uma ongasokile egcina izimiso zomthetho, ukungasoki kwakhe akuyikubalwa ukuthi kungukusoka na?