Kwabaseroma 16:6-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Khonzani kuMariya owanisebenzela kakhulu.

7. Khonzani ko-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababe yiziboshwa kanye nami, abaqhamileyo kubaphostoli nababe kuKristu ngaphambi kwami.

8. Khonzani ku-Ampiliyatu, isithandwa sami eNkosini.

9. Khonzani ku-Urbanu, isisebenzi kanye nathi kuKristu nakuStaku, isithandwa sami.

10. Khonzani ku-Aphele, othembekileyo kuKristu. Khonzani kwabakwa-Arisitobulu.

11. Khonzani kuHerodiyone, isihlobo sami. Khonzani kwabakwaNarkisu abaseNkosini.

12. Khonzani koTrifina noTrifosa abakhandleka eNkosini. Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini.

13. Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini nakunina ongumame.

Kwabaseroma 16