Kwabaseroma 16:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngiyamncoma kini uFebe, udadewethu oyisikhonzi sebandla laseKenikreya,

2. ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize noma kuyiphi into angase ayidinge kini, ngokuba yena ube ngumsizi wabaningi, nowami uqobo.

3. Khonzani koPriska no-Akwila, izisebenzi ezikanye nami kuKristu Jesu,

4. abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe.

5. Khonzani nasebandleni elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu, isithandwa sami, ongulibo lwase-Asiya kuKristu.

6. Khonzani kuMariya owanisebenzela kakhulu.

7. Khonzani ko-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababe yiziboshwa kanye nami, abaqhamileyo kubaphostoli nababe kuKristu ngaphambi kwami.

8. Khonzani ku-Ampiliyatu, isithandwa sami eNkosini.

9. Khonzani ku-Urbanu, isisebenzi kanye nathi kuKristu nakuStaku, isithandwa sami.

10. Khonzani ku-Aphele, othembekileyo kuKristu. Khonzani kwabakwa-Arisitobulu.

11. Khonzani kuHerodiyone, isihlobo sami. Khonzani kwabakwaNarkisu abaseNkosini.

Kwabaseroma 16