Kwabaseroma 15:23-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. kepha manje, lokhu ngingasenandawo kulawa mazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini,

24. ngiyakuza nxa ngiya eSpaniya; ngokuba ngiyethemba ukuthi ekudluleni kwami ngizakunibona, ngikhashwe yinina, nxa ngiya khona, uma sengike nganeliswa yinina;

25. kepha manje ngisaya eJerusalema ngiyokhonza abangcwele.

26. Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakedoniya nabase-Akhaya ukwenzela abampofu kwabangcwele baseJerusalema umnikelo othile.

27. Kwaba kuhle, ngokuba nembala banecala kubo; ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, banecala futhi lokubakhonza ngezokwenyama.

28. Ngakho nxa sengikufezile lokho, ngabeka leso sithelo esandleni sabo, ngizakuhamba, ngidlule ngakini, ngiye eSpaniya;

29. kepha ngiyazi ukuthi nxa ngifika kini, ngizakuza nokugcwala kwesibusiso sikaKristu.

Kwabaseroma 15