Kwabaseroma 15:21-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. kodwa njengalokho kulotshiwe ukuthi:“Abangabikelwanga ngaye bayakubona,nabangezwanga bayakuqonda.”

22. Ngenxa yalokho ngathiyeka kaningi ukuza kini;

23. kepha manje, lokhu ngingasenandawo kulawa mazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini,

24. ngiyakuza nxa ngiya eSpaniya; ngokuba ngiyethemba ukuthi ekudluleni kwami ngizakunibona, ngikhashwe yinina, nxa ngiya khona, uma sengike nganeliswa yinina;

25. kepha manje ngisaya eJerusalema ngiyokhonza abangcwele.

Kwabaseroma 15