Kwabaseroma 15:2-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane, kube kuhle, aze akheke,

3. ngokuba noKristu akazithokozisanga yena, kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.”

4. Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.

5. Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu,

6. ukuze nganhliziyonye nidumise ngamlomo munye uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.

7. Ngalokho yamukelanani, njengalokho noKristu wasamukela, ukuze kudunyiswe uNkulunkulu.

8. Ngokuba ngithi uKristu waba yisikhonzi sabasokileyo ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso ezaphiwa okhokho,

9. abezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe, njengalokho kulotshiwe ukuthi:“Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe,ngihubele igama lakho;”

10. abuye athi:“Jabulani nina bezizwe kanye nesizwe sakhe,”

11. nokuthi:“Dumisani iNkosi nina nonke bezizwe,niyibabaze, nina bantu bonke.”

12. Futhi u-Isaya uthi:“Kuyakuba khona impande kaJesayi,yena oyakuvuka abuse abezizwe;abezizwe bayakwethembela kuye.”

13. UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.

14. Kepha nami ngokwami nganelisiwe ngani bazalwane bami ukuthi nanigcwele ukuva, nigcwalisiwe ngokwazi konke, ninamandla futhi okuyalana.

15. Kepha nginilobele kokunye ngesibindi njengonikhumbuzayo futhi ngenxa yomusa engiwuphiwe nguNkulunkulu

16. wokuba ngibe yisikhonzi sikaKristu Jesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu njengompristi, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukeleka kahle, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.

17. Ngalokho nginokuzibonga kuKristu Jesu maqondana nokukaNkulunkulu,

18. ngokuba angiyikuba nasibindi sokukhuluma lutho ngaphandle kwezinto uKristu azisebenza ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangesenzo,

19. ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika e-Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo.

20. Kanjalo ngangihlose ukushumayela ivangeli kungabi lapho uKristu waziwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye,

21. kodwa njengalokho kulotshiwe ukuthi:“Abangabikelwanga ngaye bayakubona,nabangezwanga bayakuqonda.”

Kwabaseroma 15