Kwabaseroma 15:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka babangenamandla singazithokozisi thina.

2. Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane, kube kuhle, aze akheke,

3. ngokuba noKristu akazithokozisanga yena, kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.”

4. Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.

5. Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu,

6. ukuze nganhliziyonye nidumise ngamlomo munye uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.

Kwabaseroma 15