5. kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.
6. Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo; uma singesokuprofetha, asiprofethe ngesilinganiso sokukholwa;
7. uma singesokukhonza, kube senkonzweni; ofundisayo, kube sekufundiseni,
8. oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo.
9. Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;
10. thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane;
11. ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;
12. ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo;
13. hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.
14. Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.
15. Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.
16. Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
17. Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke;
18. uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke;