Kwabaseroma 12:13-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.

14. Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.

15. Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.

16. Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.

17. Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke;

Kwabaseroma 12