11. ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;
12. ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo;
13. hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.
14. Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.
15. Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.
16. Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
17. Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke;
18. uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke;
19. ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.
20. Kepha:“Uma isitha sakho silambile, siphe sidle;uma somile, siphuzise,ngokuba ngokwenza lokhouyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”
21. Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.