Kwabaseroma 11:4-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.”

5. Kanjalo kukhona nangalesi sikhathi samanje insali ngokokukhetha komusa;

6. kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.

7. Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni,

8. njengalokho kulotshiwe ukuthi:“UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo,amehlo okungaboni,nezindlebe zokungezwa,kuze kube lusuku lwanamuhla.”

9. NoDavide uthi:“Itafula labo malibe yisihibe nogibe,nesikhubekiso nempindiselo kubo,

10. kufiphazwe amehlo abo ukuba angaboni,ugobe umhlane wabo njalo.”

11. Ngakho ngithi: Bakhubeka ukuba bawe na? Qha nakanye; kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe ukubavusela umhawu.

12. Kepha uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe, nokuncipha kwabo kuyingcebo yabezizwe, pho, kakhulu kangakanani ukuphelela kwabo.

13. Ngikhuluma kini nina bezizwe. Njengokuba mina ngingumphostoli wabezizwe, ngidumisa ukukhonza kwami

14. ukuba mhlawumbe ngingabavusela umhawu abenyama yami, ngisindise abanye kubo.

15. Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kungukubuyiswa kwezwe, ukwamukelwa kwabo kungaba yini, uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na?

Kwabaseroma 11