Kwabaseroma 11:28-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho,

29. ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho.

30. Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo,

31. kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje.

Kwabaseroma 11