Kwabaseroma 11:26-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi:“Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi,asuse ukungalungi kuJakobe.

27. Yilesi isivumelwano sami nabo,lapho ngisusa izono zabo.”

28. Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho,

29. ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho.

30. Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo,

31. kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje.

32. Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.

33. Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!

Kwabaseroma 11