21. ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga amagatsha emvelo, nawe angeze akuyeka.
22. Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu, uma uhlala ebubeleni; uma kungenjalo, uzakunqunywa nawe.
23. Nalabo uma bengahlali ekungakholweni, bayakufakelwa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okubafakela futhi.
24. Ngokuba uma wena wanqunywa emnqumweni ongowasendle ngemvelo, wafakelwa emnqumweni omuhle ngokuphambene nemvelo, ikakhulu labo abangabemvelo bayakufakelwa emnqumweni wakubo.
25. Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi inxenye ka-Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo;
26. kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi:“Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi,asuse ukungalungi kuJakobe.
27. Yilesi isivumelwano sami nabo,lapho ngisusa izono zabo.”
28. Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho,
29. ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho.
30. Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo,
31. kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje.
32. Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.