16. Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo.
17. Kepha uma kwaphulwa amanye amagatsha, wena-ke ongumnqumo wasendle wafakelwa phakathi kwawo, wahlanganyela nawo impande yamafutha yomnqumo,
18. ungazigabisi phezu kwamagatsha; kepha uma uzigabisa, akusuwe othwele impande, kepha yimpande ethwele wena.
19. Uzakuthi-ke wena: “Amagatsha aphulwa ukuba mina ngifakelwe.”
20. Kulungile; aphulwa ngokungakholwa, wena-ke umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kepha yesaba;
21. ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga amagatsha emvelo, nawe angeze akuyeka.
22. Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu, uma uhlala ebubeleni; uma kungenjalo, uzakunqunywa nawe.
23. Nalabo uma bengahlali ekungakholweni, bayakufakelwa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okubafakela futhi.