Kwabaseroma 11:12-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Kepha uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe, nokuncipha kwabo kuyingcebo yabezizwe, pho, kakhulu kangakanani ukuphelela kwabo.

13. Ngikhuluma kini nina bezizwe. Njengokuba mina ngingumphostoli wabezizwe, ngidumisa ukukhonza kwami

14. ukuba mhlawumbe ngingabavusela umhawu abenyama yami, ngisindise abanye kubo.

15. Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kungukubuyiswa kwezwe, ukwamukelwa kwabo kungaba yini, uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na?

16. Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo.

17. Kepha uma kwaphulwa amanye amagatsha, wena-ke ongumnqumo wasendle wafakelwa phakathi kwawo, wahlanganyela nawo impande yamafutha yomnqumo,

18. ungazigabisi phezu kwamagatsha; kepha uma uzigabisa, akusuwe othwele impande, kepha yimpande ethwele wena.

19. Uzakuthi-ke wena: “Amagatsha aphulwa ukuba mina ngifakelwe.”

20. Kulungile; aphulwa ngokungakholwa, wena-ke umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kepha yesaba;

21. ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga amagatsha emvelo, nawe angeze akuyeka.

22. Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu, uma uhlala ebubeleni; uma kungenjalo, uzakunqunywa nawe.

23. Nalabo uma bengahlali ekungakholweni, bayakufakelwa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okubafakela futhi.

24. Ngokuba uma wena wanqunywa emnqumweni ongowasendle ngemvelo, wafakelwa emnqumweni omuhle ngokuphambene nemvelo, ikakhulu labo abangabemvelo bayakufakelwa emnqumweni wakubo.

25. Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi inxenye ka-Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo;

26. kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi:“Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi,asuse ukungalungi kuJakobe.

27. Yilesi isivumelwano sami nabo,lapho ngisusa izono zabo.”

28. Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho,

29. ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho.

Kwabaseroma 11