Kwabaseroma 11:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngalokho ngithi: UNkulunkulu usilahlile isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini.

2. UNkulunkulu akasilahlanga isizwe sakhe ayesazi ngaphambili. Kumbe anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo-Eliya ukuba umangalela u-Israyeli kuNkulunkulu ngokuthi:

3. “Nkosi, bababulele abaprofethi bakho, badilizile ama-altare akho, mina ngisele ngedwa, sebefuna ukungibulala nami,” na?

4. Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.”

5. Kanjalo kukhona nangalesi sikhathi samanje insali ngokokukhetha komusa;

6. kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.

7. Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni,

8. njengalokho kulotshiwe ukuthi:“UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo,amehlo okungaboni,nezindlebe zokungezwa,kuze kube lusuku lwanamuhla.”

9. NoDavide uthi:“Itafula labo malibe yisihibe nogibe,nesikhubekiso nempindiselo kubo,

10. kufiphazwe amehlo abo ukuba angaboni,ugobe umhlane wabo njalo.”

Kwabaseroma 11