Kwabaseroma 10:8-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kepha kuthini na? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo.

9. Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa;

10. ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.

11. Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.”

12. Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki, lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye,

13. ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”

14. Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na?

15. Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi:“Yeka, zinhle izinyawozabashumayela izindaba ezinhle.”

16. Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?”

17. Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.

18. Kepha ngithi: Abezwanga yini na? Yebo, impela:“Izwi labo liphumele emhlabeni wonke,nokusho kwabo kuyenasemikhawulweni yelakhiweyo.”

19. Kepha ngithi: U-Israyeli wayengaqondi na? Kuqala, uMose uthi:“Mina ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe,nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo.”

Kwabaseroma 10