14. Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na?
15. Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi:“Yeka, zinhle izinyawozabashumayela izindaba ezinhle.”
16. Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?”
17. Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.
18. Kepha ngithi: Abezwanga yini na? Yebo, impela:“Izwi labo liphumele emhlabeni wonke,nokusho kwabo kuyenasemikhawulweni yelakhiweyo.”
19. Kepha ngithi: U-Israyeli wayengaqondi na? Kuqala, uMose uthi:“Mina ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe,nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo.”
20. Kepha u-Isaya unesibindi sokuthi:“Ngafunyanwa yilabo abangangifunanga,ngabonakala kulabo abangangibuzanga.”
21. Kodwa ngo-Israyeli uthi:“Usuku lonke ngelulela izandla zamikuso isizwe esingalaleliyo nesiphikayo.”