Kwabaseroma 10:14-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na?

15. Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi:“Yeka, zinhle izinyawozabashumayela izindaba ezinhle.”

16. Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?”

17. Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.

18. Kepha ngithi: Abezwanga yini na? Yebo, impela:“Izwi labo liphumele emhlabeni wonke,nokusho kwabo kuyenasemikhawulweni yelakhiweyo.”

19. Kepha ngithi: U-Israyeli wayengaqondi na? Kuqala, uMose uthi:“Mina ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe,nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo.”

20. Kepha u-Isaya unesibindi sokuthi:“Ngafunyanwa yilabo abangangifunanga,ngabonakala kulabo abangangibuzanga.”

21. Kodwa ngo-Israyeli uthi:“Usuku lonke ngelulela izandla zamikuso isizwe esingalaleliyo nesiphikayo.”

Kwabaseroma 10