Kwabaseroma 10:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe.

2. Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda;

3. ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo, abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu.

4. Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.

Kwabaseroma 10