Kwabasekolose 4:14-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Uyakhonza kini uLuka inyanga ethandekayo, noDema.

15. Khonzani kubazalwane abaseLawodikeya, nakuNimfa, nasebandleni lakwakhe.

16. Nxa le ncwadi isifundiwe kini, bhekani ukuba ifundwe nasebandleni labaseLawodikeya; nani niyifunde leyo evela eLawodikeya.

17. Nimtshele u-Arkiphu, nithi: “Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini, ukuze uyifeze.”

18. Yilokhu ukukhonza kwami ngesandla sami, mina Pawulu. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.

Kwabasekolose 4