14. Uyakhonza kini uLuka inyanga ethandekayo, noDema.
15. Khonzani kubazalwane abaseLawodikeya, nakuNimfa, nasebandleni lakwakhe.
16. Nxa le ncwadi isifundiwe kini, bhekani ukuba ifundwe nasebandleni labaseLawodikeya; nani niyifunde leyo evela eLawodikeya.
17. Nimtshele u-Arkiphu, nithi: “Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini, ukuze uyifeze.”
18. Yilokhu ukukhonza kwami ngesandla sami, mina Pawulu. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.